Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:10 - IsiZulu 2020

10 UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka, ningakhamuki ngezwi lenu, kungaphumi lizwi emlonyeni wenu, kuze kufike usuku enginiyala ngalo ukuba nimemeze; khona-ke kufanele umemeze.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:10
8 Referans Kwoze  

Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”


Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni.


Akayukukhala, akayukuliphakamisa izwi lakhe, akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.


Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe.


Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.


Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula.


Umphongolo kaSimakade wazungeza umuzi, wawuzungeza kanye, base bebuyela enkanjini yabo, balala lobo busuku lapho babekanise khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite