Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 5:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngilethulile kini ihlazo leGibhithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 5:9
21 Referans Kwoze  

UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.


Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi.


“Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Nokho akabuyekanga ubufebe bakhe ayebuqale eGibhithe, ngokuba balala naye kusukela ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathululela kuye ubufebe babo.


Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,


Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle.


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


“Manje mesabeni uSimakade, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uSimakade.


kwathi sebesokiwe bonke, bahlala lapho, baze baphola.


Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


naseBhethi Giligali, nasemasimini eGebha, nase-Azimavethi, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite