Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 5:5 - IsiZulu 2020

5 Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bonke abantu abaphuma basokwa; kodwa bonke abantu ababezalelwe ehlane endleleni ekuphumeni kwabo eGibithe abazange babasoke.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 5:5
9 Referans Kwoze  

Ngokuba ukuthi usokile noma awusokile akusho lutho, kepha okumqoka ukuba yisidalwa esisha.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyukubalwa yini ukuthi kungukusoka na?


Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala.


Kwakuyilesi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: bonke abesilisa kubantu abaphuma eGibhithe, nawo wonke amabutho, babefele endleleni ehlane emveni kokuphuma kwabo eGibhithe.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite