Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 4:7 - IsiZulu 2020

7 nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niyakuthi kubo: Amanzi aseJordani anqamukile phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwayo iJordani, amanzi aseJordani anqamuka, lawa matshe abe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 4:7
11 Referans Kwoze  

“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


Wenze ukuba izimangaliso zakhe zikhunjulwe, uSimakade unomusa nobubele.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


abe wuphawu phakathi kwenu, ukuze kuthi lapho zinibuza izingane zenu ngesikhathi esizayo, zithi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’


Uyothatha imali yenhlawulo kubantu bakwa-Israyeli uyisebenzisele izinkonzo ethendeni lokuhlangana. Iyokuba yisikhumbuzo sesihlengo esenziwa ngenxa yempilo yabo phambi kukaSimakade, kubantu bakwa-Israyeli.”


Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”


Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite