Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 4:19 - IsiZulu 2020

19 Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abantu basuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala bamisa inkamba eGiligali emngceleni osempumalanga yeJeriko.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 4:19
18 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


“Wozani eBhethele, nizokona, naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni, nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.


USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.


wedlulele eDebhiri kusuka esigodini i-Akhori, uqhubeke ngasenyakatho, uphenduke ubheke eGiligali elibhekene nommango e-Adumimi ngaseningizimu yesigodi, umngcele, bese wedlula uya emanzini e-Eni Shemeshi; uze uyophela e-Eni Rogeli,


UJoshuwa wabuyela enkanjini eGiligali, nabo bonke abakwa-Israyeli ababenaye.


AbaseGibheyoni bathumela kuJoshuwa enkanjini eGiligali, bathi: “Ungaziyekeleli izinceku zakho; woza kithi ngokushesha usisindise, usisize, ngokuba wonke amakhosi ama-Amori akhe kwelezintaba ayasihlanganyela.”


Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.


Lezi zindawo azingaphesheya yini kweJordani endleleni ebheke entshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, maqondana neGiligali ngaseceleni kwemi-okhi eMore, na?


Lapho abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bephuma phakathi nomfula iJordani, amathe ezinyawo zabo esethinte emhlabathini owomileyo, amanzi eJordani abuyela endaweni yawo, umfula wagola izintethe njengakuqala.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.


Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.”


“ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.


“Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite