Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:5 - IsiZulu 2020

5 UJoshuwa wayesethi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uSimakade uzokwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:5
16 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


“ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu.


Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe.


Wathi: “Yebo, ngize ngokuthula. Ngizohlabela uSimakade; zingcweliseni nihlanganyele nami emhlatshelweni.” Wamngcwelisa uJese namadodana akhe, wabamema emhlatshelweni.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


ngokuba Wena umkhulu, wenza izimangaliso, unguNkulunkulu, Wena wedwa.


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.”


Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna,


Abantu babephuma bayiqoqe, bayigaye ematsheni, noma bayigqule ezigqulweni, bayipheke emakhanzini, benze nangayo amaqebelengwane. Yayinambitheka okweqebelengwane elinamafutha.


ukuze niyazi indlela enimele ukuhamba ngayo, ngokuba anikaze nidlule kule ndawo ngaphambilini, nokho kufanele kube nesikhala phakathi kwenu nawo, ibanga elingaba yizi-2 000 zamakhubhithi; ningasondeli neze eduze kwawo.”


Kubaphristi, uJoshuwa wathi: “Thathani umphongolo wesivumelwano nidlule phambi kwabantu.” Ngakho-ke bawuthatha umphongolo wesivumelwano base behamba phambi kwabantu.


Ngengalo yamandla wabasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite