Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:1 - IsiZulu 2020

1 Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:1
16 Referans Kwoze  

UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


nilalele amazwi ezinceku zami, abaphrofethi engibathumele kini, ngibathumela ngiphindelela, kodwa nina nangabalalela,


“Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”


Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade.


Ngosuku lwesikhombisa bavuka ekuseni kusempondozankomo bahamba bawuzungeza umuzi ngendlela efanayo, kwaze kwaba kasikhombisa. Kwakungalolo lusuku kuphela lapho bahamba bawuzungeza kasikhombisa umuzi.


Ngakho-ke uJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wasondeza abantu bakwa-Israyeli ngokwezizwana zabo. Kwakhethwa isizwe sakwaJuda.


UJoshuwa wavuka ekuseni wahlela abantu, base beyakhuphuka phambi kwabantu, yena namalunga akwa-Israyeli, baya e-Ayi.


Abakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bakanisa ngaseGibheya.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite