Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:32 - IsiZulu 2020

32 Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:32
9 Referans Kwoze  

UJosefa wawafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “UNkulunkulu uzakunihambela impela, anowakhuphula amathambo ami kule ndawo.”


Wathenga isiqinti kuleyo nsimu ayegobe kuyo amadlangala, emadodaneni kaHamori, uyise kaShekhemu; sasibiza ikhulu lezinhlamvu zesiliva zenani eliphezulu.


UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”


Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.


Ngokukholwa, uJosefa esezakufa wakhuluma ngofuduko lwabantu bakwa-Israyeli, wayaleza nangamathambo akhe.


Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.


Wena-ke ngikwabela okuthe xaxa kunabafowenu; ingxenye engayithatha ezandleni zama-Amori ngenkemba nangomnsalo wami.”


UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite