Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:31 - IsiZulu 2020

31 U-Israyeli wamkhonza uSimakade ngazo zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangezamalunga aphila izinsuku ezedlula ezikaJoshuwa, futhi ayekwazi konke uSimakade ayekwenzele u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga asala kuJoshuwa futhi azi wonke usizi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:31
13 Referans Kwoze  

Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli.


nokuthi abantwana babo abangawaziyo bawuzwe, bafunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wenu ngazo zonke izinsuku nihleli ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle.”


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Yazini namuhla ukuthi akubona abantwana benu abangazanga nabangabonanga ukufundisa kukaSimakade uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe, isandla sakhe esinamandla, ukwenza kwakhe okumangalisayo,


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,


UJowashi wenza okulungile phambi kukaSimakade ngazo zonke izinsuku zokuphila kukaJehoyada, umphristi.


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona.


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


UJosiya wasusa zonke izinengiso ezazisemazweni wonke akwa-Israyeli, ezazingezabantu bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli, bamkhonze uSimakade uNkulunkulu wabo. Ngazo zonke izinsuku zakhe, abantu abachezukanga ekumlandeleni uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite