Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:27 - IsiZulu 2020

27 UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Bhekani, leli litshe liyokuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile wonke amazwi kaSimakade awakhulume kithi; liyoba ngufakazi ngani, uma senimphika uNkulunkulu wenu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awakhuluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi wethu; ngoba lizwile wonke amazwi eNkosi ewakhulume kithi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:27
23 Referans Kwoze  

Waphendula wathi: “Ngithi kini: uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


AbakwaRubeni nabakwaGadi balibiza lelo althare ngokuthi: “Ngubufakazi,” ngokuba bathi: “Lingubufakazi phakathi kwethu bokuthi uSimakade unguNkulunkulu.”


Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.


“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu, ihlale khona, ibe ngubufakazi, imelane nani.


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


“Ngalokho, zilobeleni leli hubo, nilifundise abantu bakwa-Israyeli, libekeni emilonyeni yabo ukuze leli culo libe kimi ngubufakazi kubantu bakwa-Israyeli.


“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


ngiyayazi imisebenzi yakho. Ngimise phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, futhi awuliphikanga igama lami.


Ngokuba amatshe ayakukhala esogangeni, nomshayo uyakuphendula usophahleni.


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


UJoshuwa wayesebadedela abantu, babuyela efeni labo.


nalokho kuyisono esimele ukujeziswa, ngokuba bengizobe ngimphikile uNkulunkulu phezulu.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite