Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:20 - IsiZulu 2020

20 Uma nimshiya uSimakade, nikhonze abanye onkulunkulu babezizwe, uyophenduka, anenzakalise, aniqothule esenenzele lokhu okuhle.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu babezizwe, uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu bezizweni, uyakuniguqula, alinise, anibhubhise emva kokuba esenenzele okuhle.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:20
19 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.


Nganginamahloni ukucela enkosini iviyo lamabutho, nagibele amahhashi, ukuze asivikele ezitheni endleleni, njengokuba sasiyitshelile inkosi ukuthi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siyabavikela abamfunayo, kodwa amandla akhe nentukuthelo yakhe kumelana nabo bonke abamhlubukayo.”


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


“Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, siyokumkhonza uSimakade.”


Kepha uma ningalaleli izwi likaSimakade, nihlubuka esiyalezweni sikaSimakade, isandla sikaSimakade siyakumelana nani, njengalokhu samelana nokhokho benu.


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


“Ngakho-ke phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaSimakade, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu, bonani nifune yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu ukuze nilidle leli lizwe elihle, nize nilishiye, libe yifa labantwana benu ingunaphakade.


uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite