Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba uJehova waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla phambi kwenu, kepha nina akukho muntu okwazile ukuma phambi kwenu kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:9
14 Referans Kwoze  

Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


uSimakade uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizinqobe izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.


USimakade uNkulunkulu wenu uyakuzixosha, azidungule phambi kwenu; niyakulidla izwe lazo, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu ethembisile kini.


Kunalokho, ngizozixosha phambi kwakho kancane kancane, uze wande ngokwanele ukuba ulidle izwe.


UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Ingelosi yami izokwandulela, ikuyise kuma-Amori, kumaHithi, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi, nakumaJebusi, ngiyowabhubhisa.


kodwa nibambelele niqine kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba nenzile kuze kube namuhla.


USimakade waxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; yingakho siyomkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”


Wenza okuningi okunengisayo ngokulandela izithombe nangakho konke okwakwenziwa ngama-Amori, uSimakade ayewaxoshile ngaphambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite