Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:8 - IsiZulu 2020

8 kodwa nibambelele niqine kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba nenzile kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:8
11 Referans Kwoze  

Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


Qaphelani ukuba nigcine imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose, inceku kaSimakade, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


“Niyolandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


“Uma niyigcina nokuyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.


ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,


Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla.


Wabambelela kuSimakade akaze achezuka ekumlandeleni, wagcina imiyalo uSimakade ayeyale ngayo uMose.


Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite