Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:7 - IsiZulu 2020

7 ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:7
23 Referans Kwoze  

“Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


“Laba abazikhethela omunye unkulunkulu, bandisa izinhlupheko zabo. Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi, angiyukuwaphatha ngisho amagama abo ngezindebe zami.”


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule,


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


Ungalubhadi unyawo lwakho endleleni yezikhohlakali, ungahambi emkhondweni wababi.


“Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


kodwa nibambelele niqine kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba nenzile kuze kube namuhla.


Kuyakuthi uma bezifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami, ukuba bafunge igama lami, bathi: ‘Kuphila kukaSimakade,’ njengalokhu befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayakuzinziswa phakathi kwabantu bami.


“ ‘Kepha uma ningabaxoshi abantu balelo lizwe phambi kwenu, eniyobashiya bayoba ngameva emehlweni enu nanjengezincijo ezinhlangothini zenu, bayonihlupha ezweni enihlala kulo.


Aniyukulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile


Kulokhu uSimakade makayithethelele inceku yakho lapho inkosi yami ingena endlini kaRimoni ukuyokhuleka khona, yencike esandleni sami, nami ngiguqe endlini kaRimoni; lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uSimakade makayithethelele inceku yakho kulokho.”


Bakhonza izithombe uSimakade ayebatshelile ngazo, wathi: “Aniyukuyenza into enjalo.”


“Kepha uma ningifulathela, nilahle izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwenu, nihambe niyokhonza abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite