Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:3 - IsiZulu 2020

3 futhi nikubonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenza kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu owanilwela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Senikubonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzileyo kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye owanilwelayo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:3
13 Referans Kwoze  

USimakade uzonilwela, nina thulani du.”


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.


Niyakuzibonela nina ngawenu amehlo, qede nithi: ‘Mkhulu uSimakade, kuze kudlulele nangale kwemingcele yakwa-Israyeli.’


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite