Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:15 - IsiZulu 2020

15 Kodwa njengoba zonke izinto ezinhle uSimakade uNkulunkulu wenu anethembisa zona zigcwalisekile, kanjalo uSimakade uyonehlisela konke okubi, aze anibhubhise kuleli lizwe elihle uSimakade aniphe lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini, kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuyakuthi-ke, njengalokho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wenu akuthembisa khona, sekukwehlele; ngakho uJehova uyakwehlisela phezu kwakho konke okubi, aze akubhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:15
18 Referans Kwoze  

besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.


“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


USimakade uyakumshaya u-Israyeli njengomhlanga untengantenga emanzini, amsiphule kuleli lizwe elihle alinika okhokho bakhe, abahlakazele phesheya komfula, ngoba benzele o-Ashera babo izingongolo, bamthukuthelisa uSimakade.


Ngakho-ke isiqalekiso siyawubhuqabhuqa umhlaba, izakhamuzi zitholwe zinecala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale ingcosana nje kuphela.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizakuletha kuJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kodwa abalalelanga, ngababiza kepha kabasabelanga.’ ”


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze,


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: njengalokhu ngehlisela laba bantu yonke le nhlekelele, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engibethembise khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite