Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:14 - IsiZulu 2020

14 “Bhekani, namuhla sengizokufa; niyazi ezinhliziyweni nasemiphefumulweni yenu nonke ukuthi akukho nokukodwa okwaphuthayo kwangaphumelela kulokho uSimakade uNkulunkulu wenu akwethembisa mayelana nani; konke kwaphumelela, akukho nakunye okwaphutha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bhekani, namuhla ngihamba ngendlela yomhlaba wonke, niyazi ngenhliziyo yenu yonke nangomphefumulo wenu wonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wenu azikhulumile ngani; konke kwenzeke kuwe, akuphuthanga nento eyodwa kukho.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:14
16 Referans Kwoze  

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite