Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:29 - IsiZulu 2020

29 “Makube kude nathi ukuhlubuka uSimakade sichezuke namuhla ekulandeleni uSimakade ngokwakha i-althare lomnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu noma umhlatshelo, kunalelo althare likaSimakade uNkulunkulu wethu eliphambi kwethabanakeli lakhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 “Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele* lakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kwangathi uNkulunkulu angasivimbela ekuhlubukeni kuJehova nasekuphambukeni kuJehova namuhla, sakhe i-altare leminikelo yokushiswa, iminikelo yomlilo noma iminikelo yokushiswa, e-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:29
16 Referans Kwoze  

Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukushiya uSimakade sikhonze abanye onkulunkulu,


Pho siyakuthini na? Ukuthi kukhona ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na?


Makungabi njalo neze, ngokuba uma kunjalo, uNkulunkulu angawehlulela kanjani umhlaba na?


“Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-althare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-althare linye, nishise impepho kulo na?’


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uSimakade uNkulunkulu wethu;” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-althare akhe uHezekiya akususile, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli althare eJerusalema na?”


UNabothi wayesethi ku-Ahabi: “Anginakukwenza lokho, ngenxa kaSimakade, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami.”


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


“Ngakho-ke sithe: ‘Manje masakhe i-althare, lingabi ngelomnikelo wokushiswa noma elomhlatshelo,’


ngokuzakhela i-althare ukuze sihlubuke ekulandeleni uSimakade; noma uma lokhu sikwenze ukuze sinikele kulo iminikelo yokushiswa noma yokusanhlamvu noma yobudlelwane, uSimakade uqobo makaziphindiselele.


UJosefa wathi: “Angikwazi ukwenza into enjalo. Umuntu etholakale kuye indebe yami uzokuba yisigqila sami, nina yenyukani, nibuyele kuyihlo ngokuthula.”


Ayesethi kuyo: “Kungani inkosi yami ikhulume amazwi anjengalawa na? Zingayenza kanjani izinceku zakho into efana naleyo na?


“Sathi-ke: ‘Uma kungase kushiwo lokhu kithi nasezizukulwaneni zethu ngomuso, siyokuthi: “Bhekani lo mfanekiso we-althare likaSimakade abalenza okhokho bethu, bengalenzeli iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, kodwa ukuze libe ngubufakazi phakathi kwethu nani.” ’


Lapho uFinehasi umphristi, izikhulu zenhlangano, nezinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ababenaye bezwa lawo mazwi akhulunywa ngabozalo lukaRubeni, olukaGadi, nolukaManase, beneliseka.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite