Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:20 - IsiZulu 2020

20 U-Akhani, indodana kaZera, akenzanga yini isiphambeko ngokuqalekisiweyo, kwathi yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo, na? Akazange abhubhe yedwa ngenxa yesiphambeko sakhe.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 U-Akani, indodana kaSeraki, akenzanga yini isiphambeko sabaxhwalekileyo, futhi ulaka lwehlela lonke ibandla lika-Israyeli na? futhi lowo muntu akabhubhanga ngobubi bakhe yedwa.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:20
11 Referans Kwoze  

Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.


Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.


Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.


UJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababenaye bamthatha u-Akhani, indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe nezimbongolo nezimvu nethende lakhe, nakho konke okwakungokwakhe, bakukhuphulela esigodini i-Akhori.


Wayesesondeza abendlu yakhe ngamunye ngamunye, kwathi u-Akhani, indodana kaKharimi kaZabhidi kaZera, wesizwana sakwaJuda, wakhethwa.


Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.


Abozalo lukaRubeni, nabolukaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase baziphendulela kanje kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi:


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite