Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 20:4 - IsiZulu 2020

4 Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nxa obalekela komunye waleyo mizi emi ngasesikhaleni sesango lomuzi, ekhuluma indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, amngenise emzini ngenxa yabo, amnike indawo, ukuze amkhulule. Angahlala phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 20:4
8 Referans Kwoze  

Kepha u-Ebhedi Melekhi, umKhushe owayengumthenwa esigodlweni senkosi, wezwa ukuthi uJeremiya bamfake emgodini. Inkosi yayihleli esangweni kwaBhenjamini.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Indoda yakhe iyahlonishwa emasangweni ngesikhathi ihleli namalunga ezwe.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,


Abantwana baso abavikelekile impela, bayagandaywa esangweni, abanaye umhlengi.


ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite