Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:6 - IsiZulu 2020

6 Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha yawayisa ophahleni lwendlu, yawathukusa phezu kwezinhlanga zefilakisi ayezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:6
17 Referans Kwoze  

Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?


Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,


Owesifazane wathatha isivalo, wasibeka phezu komlomo womthombo, weneka umgqakazo kuso; kwakungazi muntu ngalokho.


ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe;


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


Kepha uJehoshebha, indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya. Wameba phakathi kwamadodana enkosi ayezobulawa, wamfihla nomzanyana wakhe ekamelweni. Wamfihla kanjalo ku-Athaliya ukuze angabulawa.


Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, ukuthi ngabafihla abantu abayikhulu kubaphrofethi bakaSimakade, ngama-50 emgedeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi na?


ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Zingakalali izinhloli, uRahabi wakhuphukela kuzo ophahleni;


“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.


Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu.


Kuthe kusihlwa sekuzovalwa isango, asuka ahamba. Angazi ukuthi aphume alibhekisaphi. Phuthumani niwalandele, ngokuba ningase niwafice.”


Amadoda azilandela ngendlela elibangise eJordani aze ayofinyelela emazibukweni alo. Athi ukuba aphume amadoda ayezilandela, lavalwa isango.


UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite