Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:2 - IsiZulu 2020

2 Inkosi yaseJerikho yabikelwa ukuthi: “Abanye bakwa-Israyeli bafikile kusihlwa ukuzohlola izwe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.”

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:2
7 Referans Kwoze  

bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”


Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite