Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:19 - IsiZulu 2020

19 Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:19
23 Referans Kwoze  

uPawula wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, anisoze nasinda nina.”


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu lusuku lwanamuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke.


ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe;


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


Kakhulu kangakanani lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo, ezilalele embhedeni wakhe, endlini yakhe; igazi lakhe angiyukulibiza yini kini, nginishabalalise emhlabeni na?”


UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


“ ‘Umuntu olala nomkayise, wembula ubunqunu bukayise; bobabili bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


“ ‘Yilowo nalowo othuka uyise nonina uyobulawa nokubulawa, lokhu ethuke uyise nonina; igazi lakhe liyoba phezu kwakhe.


Manje-ke lokhu nginiphathe kahle, fungani kimi ngoSimakade ukuthi nani niyakubenzela umusa abendlu kababa; nginikeni uphawu oluzakuba yisiqiniseko sokuthi nizokwethembeka,


Kodwa uma uluxoxa lolu daba lwethu, thina siyobe sesikhululekile kulesi sifungo osifungise sona.”


Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite