Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:18 - IsiZulu 2020

18 uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bheka, lapho singena ezweni, kumelwe ubophe lentambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo; kumelwe ulethe ekhaya uyihlo nonyoko nabafowenu nayo yonke indlu yakho kuwe.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:18
19 Referans Kwoze  

Izinsizwa ezazikade ziyizinhloli zangena zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke ayenabo. Zawukhipha wonke umndeni wakhe, zababeka ngaphandle kwenkambu yakwa-Israyeli.


Wathi: “Makube njengoba nisho.” Wayesewakhulula aqhubeka nohambo lwawo. Yena wabophela intambo ebomvu efasiteleni.


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke,


“Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


Umphristi uyoyala ukuba ozohlanjululwa alethelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo, nomsedari, indwangu ebomvu nehisopi.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


uzakukutshela amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nabo bonke abendlu yakho.’


Esakhuluma naye, wangena, wafica abantu abaningi bebuthene lapho.


UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye uyindodana ka-Abhrahama.


Umphristi uyothatha umsedari, ihisophi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.


Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.


Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Izindebe zomlomo wakho zifana nomucu obomvu, umlomo wakho muhle, ufana nocezu lwehananadi, ngale kwemvakazi yakho.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite