Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:7 - IsiZulu 2020

7 AbaLevi abanasabelo phakathi kwenu, ngokuba ubuphristi bukaSimakade buyifa labo. UGadi noRubeni nengxenye yesizwna sakwaManase sebesitholile isabelo sabo ngaphesheya kweJordani empumalanga, uMose inceku kaSimakade abanika sona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa amaLevi kawanasabelo phakathi kwenu; ngokuba ubupristi bukaJehova buyifa labo; uGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase base bemukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, uMose inceku kaJehova abanika lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:7
11 Referans Kwoze  

Kepha kwabesizwana sakwaLevi, uMose akabanikanga sabelo esiyifa labo; uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uyisabelo sabo, njengoba ayeshilo kubo.


USimakade wathi ku-Aroni: “Awuyukuba nafa ezweni lakubo, futhi awuyukuba nasabelo phakathi kwabo; Mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.


AbaLevi bayokwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana, bathwale ububi bawo. Kuyoba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo, naphakathi kwabantu bakwa-Israyeli abayukuba nalifa.


Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”


UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite