Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke uJoshuwa wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Niyakudembesela kuze kube nini ningaphumi nidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJoshuwa wayesethi kubantwana bakwa-Israyeli: “Koze kube nini niphuza ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:3
15 Referans Kwoze  

Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


Athi: “Sukumani, senyuke, sibahlasele, ngokuba silibonile izwe ukuthi lihle kakhulu. Ningenqeni, ningahuduli izinyawo, kodwa ngenani nilidle.


Kuthe ngehora le-11, wathola abanye bemile, wayesethi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’


Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.


Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa.


Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Kwakusasele izizwe eziyisikhombisa phakathi kuka-Israyeli ezazingakasitholi isabelo sazo.


Khethani amadoda ngamathathu kuleso naleso sizwana. Ngizowathuma aphume ahambe kulona lonke izwe, alobe ngalo alichaze asho ukuthi lifa lini elingabelwa leso naleso sizwana, bese ebuyela kimi.


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite