Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:28 - IsiZulu 2020

28 iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:28
22 Referans Kwoze  

Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.


bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,


“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?


badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.


UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ”


USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye.


wehle ubheke emngceleni wentaba ebhekene nesigodi sendodana kaHinomi, esingasenyakatho ekugcineni nesigodi iRefayimu; wehlele esigodini sikaHinomu, esiseningizimu nomthambeka wamaJebusi, wehle njalo uze uyofika e-Eni Rogeli,


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Abaningi uyakubabela ifa elikhulu, abayingcosana ubabele ifa elincane, yilowo nalowo abelwe ifa ngokwesibalo sabantu anabo.


Abozalo lukaBhenjamini ngemindeni yabo yilaba: kuBhela: ngumndeni wabakwaBhela; ku-Ashibheli: ngumndeni wabakwa-Ashibheli; ku-Ahiramu: ngumndeni wabakwa-Ahiramu;


iRekhemi, i-Iripheyeli, iTharala,


Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.


Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”


uHelevi, indodana kaBhahana waseNethofa, u-Ithayi, indodana kaRibhayi waseGibheya labakwaBhenjamini,


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


Indoda yenqaba ukuphinde ilale ngalobo busuku, yasukuma yahamba, yaze yafika maqondana neJebusi, okuyiJerusalema. Yayihamba nesancinza sayo nezimbongolo ezimbili eziboshelwe.


Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite