Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 17:6 - IsiZulu 2020

6 ngokuba amadodakazi kaManase nawo athola ifa phakathi kwamadodana akhe; iGileyadi labelwa bonke abozalo lukaManase.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe, nezwe lakwaGileyadi amanye amadodana kaManase.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 17:6
7 Referans Kwoze  

Indawo yabo yayisuka eMahanayimi, idabule kulona lonke iBhashani, wonke umbuso wenkosi u-Ogi waseBhashani, nemizi yonke eJayiri, eyayiseBhashani, okuyimizi engama-60,


nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.


Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,


Indawo yabakwaManase yayisuka e-Asheri iye eMikhemetha engaphambi kweShekhemi; bese umngcele uqhubeka ngaseningizimu uye kwababakhe e-Eni Thaphuwa.


UMose wanika ingxenye yesizwana sakwaManase ifa laso; labelwa abozalo lukaManase ngokwemindeni yabo.


Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, uMose wayeyabele isabelo sayo eBhashani, kodwa enye ingxenye uJoshuwa wayabela phakathi kwabafowabo izwe elisentshonalanga, phesheya kweJordani. Ngesikhathi ebabuyisela emathendeni abo, wababusisa,


“UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite