Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 17:13 - IsiZulu 2020

13 Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa lapho abantwana bakwa-Israyeli sebenamandla, bakhokhisa amaKhanani intela; kodwa kabaxotshanga ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 17:13
13 Referans Kwoze  

Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Ama-Amori aqhubeka ahlala entabeni iHeresi, e-Ayijaloni, naseShahalibhimi, kodwa abakwaJosefa bawacindezela kanzima ama-Amori, bawaphoqa ukuba abasebenzele.


UNafethali akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi, kodwa wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe; izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi baziphoqelela ukuba zibasebenzele.


UZebuloni akazixoshanga izakhamuzi zaseKhithroni, nezaseNahaloli, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo bawaphoqa ukuba abasebenzele.


Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.


Uzothi angabona ukuthi izwe lihle, liyindawo yokuphumula, athobise ihlombe lakhe, ukuze athwale umthwalo, aphenduke isigqila esingakhokhelwa.


nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite