Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:10 - IsiZulu 2020

10 “Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:10
9 Referans Kwoze  

abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.


UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo wonke lawo makhosi.


UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe.


UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’


Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.


Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite