Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:31 - IsiZulu 2020

31 nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:31
14 Referans Kwoze  

nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


Leli yifa uMose alaba emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani, empumalanga neJerikho.


ngokuba amadodakazi kaManase nawo athola ifa phakathi kwamadodana akhe; iGileyadi labelwa bonke abozalo lukaManase.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


Abozalo lukaGereshomu banikwa emndenini wengxenye yesizwana sakwaManase iGolanu, iBhashani namadlelo alo, i-Ashitharothi namadlelo alo;


UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; noDani walibalelani ngasemikhunjini, na? U-Ashera wahlala akanyakaza ogwini lolwandle, wahlala ngasethekwini lalo.


“UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite