Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:2 - IsiZulu 2020

2 “Nanti izwe elisasele: zonke izifunda zamaFilisti nalezo zamaGeshuri,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nanti izwe elisele: yonke imikhawulo yamaFilisti, nawo onke amaGesuri,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:2
15 Referans Kwoze  

neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,


“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.


Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani,


Inceku yakho, ngesikhathi isahleli eGeshuri e-Aramu, yenza isithembiso, yathi: ‘Uma impela uSimakade engangibuyisela eJerusalema, ngiyakumkhonza uSimakade.’ ”


Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri.


Nokho u-Israyeli akazange awaxoshe amaGeshuri namaMahakhathi, kodwa amaGeshuri namaMahakhathi ahlala phakathi kwabakwa-Israyeli kuze kube yinamuhla.


ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.


Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.


amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.


UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.


Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, sizwe samaKherithe! Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani, lizwe lamaFilisti. “Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite