Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:4 - IsiZulu 2020

4 Aphuma wonke namabutho awo, impikazi eyayingangesihlabathi solwandle, inamahhashi amaningi kakhulu, nezinqola zempi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:4
8 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


Wena luqobo uthe: ‘Ngizokwenzela okuhle, ngandise izizukulwane zakho zibe njengezihlabathi zolwandle ezingenakubalwa.’ ”


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.


Wonke lawo makhosi ayihlanganisa impi yawo, eza, akanisa ndawonye ngasemanzini eMerome, ukuba alwe no-Israyeli.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite