Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:3 - IsiZulu 2020

3 nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 namaKhanani ngasempumalanga nasentshonalanga, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi phansi kweHermoni, ezweni laseMispa.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:3
30 Referans Kwoze  

Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.


iMizpha, iKhefira, iMosa,


ULabani wayibiza futhi ngokuthi yiMizpha, ngokuba wathi: “USimakade makalinde phakathi kwami nawe, lapho omunye engekho phambi komunye.


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,


Bonke abantu ababethunjwe ngu-Ishmayeli eMizpha bajika, babuyela emuva noJohanani, indodana kaKhareya.


Bonke abaJuda ababenoGedaliya eMizpa namaKhaledi, namabutho ayelapho, wawabulala.


Bhekani, mina ngizohlala eMizpha, ngiwakhonze amaKhaledi ayofika kithina; kodwa nina, zibutheleni ngezitsha zenu iwayini, izithelo, namafutha, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


Woza sisuke eLebhanoni, makoti wami, usuke nami eLebhanoni, wehle esiqongweni se-Amana nasesiqongweni seShiniri naseHermoni, sisuke emiphandwini yamabhubesi nasezintabeni zezingwe.


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.


Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha.


Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli,


Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha.


Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni.


Abakwa-Israyeli base bethi: “Yisiphi isizwana phakathi kwezizwana zonke zakwa-Israyeli esingakhuphukanga ukuzoba yingxenye yenhlangano kaSimakade, na?” Ngokuba kwenziwe isifungo esinqala ngalabo abangakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, esithi: “Lowo uyakubulawa.”


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi,


iDilani, iMizpha, iJokhitheyeli,


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi i-Arinoni kuya entabeni iSiyoni, okuyiHermoni,


Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


kusukela entabeni iHalakhi, ekhuphukela ngaseSeyiri kuze kuyofika eBhali Gadi esigodini iLebhanoni phansi kwentaba iHermoni. Wawaqumba phansi wonke amakhosi awo, wawabulala ngenkemba.


nezwe lamaGebhali nalo lonke iLebhanoni kuya empumalanga, kusuka eBhali Gadi phansi kwentaba iHermoni kuya eLebo Hamathi,


baze bayofika enqabeni eseThire, nakuyo yonke imizi yamaHivi namaKhanani. Baphuma lapho balibangisa ngaseningizimu yakwaJuda, eBheri Sheba.


UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite