Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:23 - IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:23
20 Referans Kwoze  

Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.


UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo wonke lawo makhosi.


Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”


nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.


Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


Lesi siqinti sendawo siyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami azisayukubacindezela abantu bami, kodwa indlu yakwa-Israyeli ziyakuyinika ngangomumo wezizwe zayo.


Lawa ngamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nabakwa-Israyeli entshonalanga yeJordani, kusuka eBhali Gadi esigodini iLebhanoni kuya entabeni iHalakhi ekuphakama kwayo kubheke eSeyiri, uJoshuwa wanikeza izizwana zakwa-Israyeli izwe labo laba yifa lazo njengokwabelwa kwazo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite