Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:22 - IsiZulu 2020

22 Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:22
19 Referans Kwoze  

Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.


kusukela e-Ekhroni kuze kufike olwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.


Ngonyaka okwafika ngawo umkhuzi wempi e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa nalo, walinqoba.


Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


Kwathi emveni kwalokho, uDavide wahlasela amaFilisti, wawanqoba, wayidla iGathi nemizana yalo esandleni samaFilisti.


uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.


Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu, izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi, indodana kaMahakha, inkosi yaseGathi. UShimeyi watshelwa kwathiwa: “Bheka, izinceku zakho ziseGathi.”


AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebheni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.


abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’


UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.


UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo.


Kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza, nawo eza, abhubhisa amaKhafithori ayevela eKhafithori, abe esakha endaweni yawo.


UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi Bharineya kuze kufike eGaza, nalo lonke iGosheni kuze kufike eGibheyoni.


I-Ashidodi nemizi nemizana yalo; iGaza nemizi yalo kuze kufike emfuleni eGibhithe, nasoLwandle Olukhulu nogu lwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite