Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:14 - IsiZulu 2020

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yona njengempango; kodwa bababulala bonke ngosiko lwenkemba baze babaqeda, abavumelanga muntu ukuphefumula.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:14
12 Referans Kwoze  

Bababulala ngenkemba bonke ababekulo, baliqothula, akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo; walishisa iHazori ngomlilo.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


U-Israyeli waphanga imfuyo nempahla kuphela, njengokuba uSimakade ayemyalile uJoshuwa.


Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.


Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


Kepha imizi eyayakhiwe emagqumeni, u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHazori kuphela, uJoshuwa alishisa.


Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”


UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite