Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:12 - IsiZulu 2020

12 UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJoshuwa wathatha yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi awo, wawachitha ngosiko lwenkemba, wawashaya ngesiqalekiso, njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:12
18 Referans Kwoze  

nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Balidla, balichitha ngenkemba, inkosi nayo yonke imizi yalo, nabo bonke abantu ababekulo; akashiyanga namunye, njengalokhu ayenzile e-Egiloni.


Balidla ngalolo lusuku, balichitha ngenkemba; nabo bonke abantu ababekulo, njengalokhu babenzile eLakhishi.


USimakade wayinikela iLakhishi esandleni sabakwa-Israyeli, balidla ngosuku lwesibili, balichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekulo njengoba babenzile eLibhina.


USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


walenza lanjengalokhu uMose inceku kaSimakade ayemyalile u-Israyeli, nanjengalokhu kulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuthi: i-althare kumele lenziwe ngamatshe angabaziwe, okungakaze kusetshenziswe thuluzi kuwo. Base benikela iminikelo yokushiswa kuSimakade, banikela neminikelo yokuthula.


Lapho seniwudlile umuzi, niyakuwuthungela ngomlilo, nenze njengalokhu uSimakade eniyalile. Bhekani, senginiyalile.”


Kepha imizi eyayakhiwe emagqumeni, u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHazori kuphela, uJoshuwa alishisa.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Kwathi lapho uJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli sebecekele phansi abaningi kakhulu baze babaqeda, insali yangena emizini ebiyelweyo.


zonke izakhamuzi zakwelezintaba, kusuka eLebhanoni kuya eMishirefothi Mayimi, nawo wonke amaSidoni. Mina luqobo ngizobaxosha phambi kuka-Israyeli; izwe ngilabele u-Israyeli kuphela, libe yifa lakhe njengalokhu ngikuyalile.


USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite