Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:40 - IsiZulu 2020

40 UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 UJoshuwa walichitha lonke izwe lezintaba, nelaseningizimu, nelasesigodini, nelemithombo, nawo onke amakhosi alo;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:40
26 Referans Kwoze  

Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo,


Balidla, balichitha ngenkemba, inkosi nayo yonke imizi yalo, nabo bonke abantu ababekulo; akashiyanga namunye, njengalokhu ayenzile e-Egiloni.


Balidla ngalolo lusuku, balichitha ngenkemba; nabo bonke abantu ababekulo, njengalokhu babenzile eLakhishi.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


U-Israyeli waphanga imfuyo nempahla kuphela, njengokuba uSimakade ayemyalile uJoshuwa.


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”


Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele.


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


Imizi yesizwana sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yaso kwakuyiJerikho, iBhethi Hogila, i-Emekhi Kezizi,


elisezintabeni, emathafeni, elise-Araba, elemithambeka, elisehlane, naseNegevu, izwe lamaHithi, elama-Amori, elamaKhanani, elamaPherizi, elamaHivi, nelamaJebusi:


phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe.


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.


UJoshuwa walidla lonke lelo lizwe: elezintaba, nayo yonke iNegevu, nalo lonke iGosheni, amathafa, i-Araba, nelezintaba kwa-Israyeli, namathafa alo,


Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.


Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite