Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:32 - IsiZulu 2020

32 USimakade wayinikela iLakhishi esandleni sabakwa-Israyeli, balidla ngosuku lwesibili, balichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekulo njengoba babenzile eLibhina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa-Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJehova walinikela iLakishi esandleni sika-Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke abantu ababekulo, njengoba nje enza kulo iLibina.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:32
7 Referans Kwoze  

UJoshuwa wasuka eLibhina nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eLakhishi, wakanisa malungana nayo, walwa nayo.


Kwase kukhuphuka uHoramu, inkosi yaseGezeri, ukuzosiza iLakhishi, kepha uJoshuwa wayibulala nabantu bayo, akashiyanga namunye kubo.


Wabuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibhina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakhishi.


UJoshuwa wanqoba u-Ameleki nabantu bakhe ngenkemba.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite