Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:25 - IsiZulu 2020

25 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uSimakade uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJoshuwa wayesethi kubo: “Ningesabi, ningapheli amandla; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza lokhu kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:25
13 Referans Kwoze  

Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Ngiyakuzikhumbula izenzo zikaSimakade, yebo, ngizikhumbule izimangaliso zasendulo,


Kepha abazingela umphefumulo wami ukuba bawenzakalise, bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite