Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:24 - IsiZulu 2020

24 Lapho bewaletha lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli wathi ezinduneni zamabutho ezazihambe naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kwathi sebewakhiphele lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli, wathi kuzo izinduna zempi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi. Basondela, babeka izinyawo zabo entanyeni yabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:24
18 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”


Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.


Unikele ngezitha zami kimi, nabangizondayo ngabaqothula.


Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: “Hamba ubabulale.” Kepha indodana ayizange iyihoshe inkemba yayo, ngoba yayesaba, kwazise yayisengumfana.


Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na?


Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.


Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”


Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zehluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite