Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:20 - IsiZulu 2020

20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli sebecekele phansi abaningi kakhulu baze babaqeda, insali yangena emizini ebiyelweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukuwabulala ngokuceka okukhulu kakhulu aze aqedwa, insali yawo yangena emizini enezivikelo eziqinile.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:20
12 Referans Kwoze  

U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba.


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


Wayesethi uDavide ku-Abhishayi: “USheba, indodana kaBhikhiri, izokwenza kithi umonakalo omkhulu kunalowo ka-Absalomu. Thatha izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa aze azitholele imizi ebiyelweyo, aphele emehlweni.”


USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


kepha nina ningami lapho; zixosheni izitha zenu, nizihlasele ngasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”


Bonke abantu babuyela kuJoshuwa enkanjini eMakheda bephephile, akubanga bikho owake wakhuluma okubi ngo-Israyeli.


“Memezelani kwaJuda, nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze, nithi: ‘Buthanani, masihambe siye emizini ebiyelweyo.’


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yabhubhisa amahhashi nezinqola zempi, yabulala ama-Aramu amaningi kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite