Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:13 - IsiZulu 2020

13 Lase lima ilanga, nenyanga yema, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho encwadini yolungileyo, na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kwangathi wusuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lase lima ilanga, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ilanga lama, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini encwadini kaJasheri na? Ilanga lema emkhathini wesibhakabhaka lingajahile ukutshona kwaze kwaba lusuku lonke.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:13
29 Referans Kwoze  

Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.


Bheka, ngizokwenza isithunzi selanga sibuyele emuva izinyathelo ezilishumi ebelizehlile ezitebhisini zika-Ahazi.” ’ ” Ngakho-ke ilanga labuyela emuva izinyathelo ezilishumi, ezinyathelweni elizehlileyo.


Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.


USamsoni wanxusa uSimakade, wathi: “Nkosi Simakade, ngiyakucela, ngikhumbule, ngiqinise kube kanye, Nkulunkulu, ukuze ngiziphindisele kumaFilisti ngempindiselo eyodwa nje ngenxa yamehlo ami omabili.”


UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Ilanga nenyanga kuyakuba mnyama bhuqe, izinkanyezi zikugodle ukukhanya kwazo.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


nokho isilinganiso sakho siphumele emhlabeni wonke, namazwi akho emikhawulweni yomhlaba. Ulimisele ilanga ithende kuwo,


Ifuzela lalowo mthetho lalizokhishwa, libe ngumthetho kuzo zonke izifundazwe, laziswe bonke abantu kuleso naleso sizwe, ukuze abaJuda bame ngomumo ngalolo lusuku, bazivikele ezitheni zabo.


Wayaleza ukuba iCulo Lomnsalo lifundiswe abakwaJuda; libhalwe eNcwadini kaJashari. Wathi:


Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.


“Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


“Phindiselela abantu bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, ungakedluli emhlabeni.”


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi.


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Yingakho eNcwadini yeziMpi zikaSimakade kuthiwa: “IWahebi eseSufa, nezigodi ezise-Arinoni,


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


UHezekiya wathi: “Kulula ukuba isithunzi seluleke izinyathelo ezilishumi, cha, isithunzi kungcono ukuba sihlehle izinyathelo ezilishumi.”


oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite