Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:12 - IsiZulu 2020

12 Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:12
29 Referans Kwoze  

Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.


Bheka, ngizokwenza isithunzi selanga sibuyele emuva izinyathelo ezilishumi ebelizehlile ezitebhisini zika-Ahazi.” ’ ” Ngakho-ke ilanga labuyela emuva izinyathelo ezilishumi, ezinyathelweni elizehlileyo.


Ilanga lakho alisayukushona, nenyanga yakho ayisayukufiphala, ngokuba uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.


USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi, athukuthele njengesigodi iGibheyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe awejwayelekile, afeze umsebenzi wakhe, izenzo zakhe ezimangalisayo!


nokho isilinganiso sakho siphumele emhlabeni wonke, namazwi akho emikhawulweni yomhlaba. Ulimisele ilanga ithende kuwo,


Lase lima ilanga, nenyanga yema, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho encwadini yolungileyo, na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kwangathi wusuku lonke.


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi,


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga.


iShahalabhini, i-Ajaloni, iJithila,


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.


U-Eloni umZebuloni wafa, wangcwatshwa e-Ayijaloni, lakwaZebuloni.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


Ngalo lolo suku babulala amaFilisti kusukela eMikhimashi kuze kube se-Ajaloni. Abantu baphelelwa ngamandla ngokwedlulele.


U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni.


Umphrofethi u-Izaya wakhala kuSimakade, uSimakade wasihlehlisa izinyathelo ezilishumi esabe sesedlule ngazo ezinyathelweni zika-Ahazi.


Kwathi ngonyaka uZedekiya, inkosi yakwaJuda, aqala ngawo ukubusa; uHananiya, indodana ka-Azuri, umphrofethi waseGibheyoni, wakhuluma kimi endlini kaSimakade, phambi kwabaphristi nabantu bonke; ngonyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, wathi:


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


i-Ajaloni namadlelo alo, iGathi Rimoni namadlelo alo, imizi emine.


Ngalolo lusuku uSamuweli wathandaza kuSimakade, uSimakade waletha ukuduma nemvula; bonke abantu besaba kakhulu uSimakade noSamuweli.


U-Izaya wathi: “Nasi-ke isibonakaliso sakho esivela kuSimakade: uSimakade uzokwenza lokho akushilo. Isithunzi siyakuya phambili izinyathelo, noma sihlehle izinyathelo ezilishumi.”


UHezekiya wathi: “Kulula ukuba isithunzi seluleke izinyathelo ezilishumi, cha, isithunzi kungcono ukuba sihlehle izinyathelo ezilishumi.”


uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.


iZora, i-Ajaloni, neHebhroni; leyo mizi ebiyelweyo yayikwaJuda nakwaBhenjamini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite