Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:8 - IsiZulu 2020

8 Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:8
40 Referans Kwoze  

Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.


Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.


“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.


“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.


“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Sekuhwalala u-Isaka waphuma wazulazula ensimini yakhe ezindla. Kuthe lapho ephakamisa amehlo, wabona amakameli eza.


Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba wonke amazwi alo mthetho encwadini,


Emveni kwalokho, uJoshuwa wafunda wonke amazwi omthetho, izibusiso neziqalekiso, njengakho konke okwakubhalwe encwadini yoMthetho.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


Sadla izwe labo, salabela abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, laba yifa labo.


Wayelokhu efune uNkulunkulu ngesikhathi sikaZakhariya owamfundisa ukwesaba uNkulunkulu. Ngemihla ayemfuna ngayo uSimakade, uNkulunkulu wambusisa kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite