Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:2 - IsiZulu 2020

2 “Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inceku yami uMose ifile; Suka manje, uwele leli Jordani, wena nabo bonke laba bantu, niye ezweni engizabanika lona abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:2
13 Referans Kwoze  

Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


UMose wambiza uJoshuwa, bebuka bonke abantu bakwa-Israyeli, wathi kuye: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu uye ezweni uSimakade afunga kokhokho babo ukubanika lona. Nguwena oyakwenza ukuba balidle ifa lalo.


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


“Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”


Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:


Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami.


UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade.


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite