Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:16 - IsiZulu 2020

16 Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyale ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyala ngakho siyakukwenza; futhi nomaphi lapho usithumela khona, sizoya.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:16
10 Referans Kwoze  

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyokwenza njengalokhu inkosi yami iyala.


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose.


Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni baphendula, bathi: “Kuyoba njengalokhu uSimakade eshilo kuzo izinceku zakho, siyokwenza kanjalo.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Vuka wenze okuthile, ngokuba lolu daba luqondene nawe; sinawe; qina, ukwenze lokhu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite