Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:15 - IsiZulu 2020

15 aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:15
15 Referans Kwoze  

Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.


USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’


Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:


Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza,


Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


“Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


UJoshuwa wayesebiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite