Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:6 - IsiZulu 2020

6 USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uNkulunkulu walungisa umhlakuva, wawumisa phezu kukaJona, ukuze ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumkhulula osizini lwakhe. UJona wajabula kakhulu ngomhlakuva.

Gade chapit la Kopi




UJona 4:6
11 Referans Kwoze  

nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho,


Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.


UHamani waphuma esigodlweni ejabule, umoya wakhe uthe cosololo ngalolo lusuku, kodwa kuthe lapho ebona uMoridekhayi esangweni lesigodlo, engamsukumeli noma athuthumele lapho embona, wagcwala intukuthelo, ethukuthelela uMoridekhayi,


Nina enithokoza ngeLo Debhari, nithi: “Asizithathelanga yini iKharnayimi ngezikhwepha zethu na?”


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini.


Ngakusasa entathakusa uNkulunkulu wathumela impehla, yaphehla umhlakuva, wabuna.


Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite